
Nhlakanipho Mnqayi
Iqembu elidlala esigabeni seBetway Premiership, AmaZulu FC lethule abaxhasi abasha emva kokuhlukana kwenhloko nesxhanti nabaxhasi abadala i-Umbro SA, laqoma abasha iPrimo abazoqala ngesizini entsha ka-2025/26.
Leli qembu lenze lesi simemezelo esithangamini ebelinaso nabezindaba kwelomkhulu layo e-AmaZulu Fan Experience, eThekwini namhlanje ngoMsombuluko emini.
USihlalo waleli qembu uSandile Zungu ubonge abaxhasi bakwa-Umbro ngokudlala indima enkulu eqenjini nokuba nobudlelwano obuhle abebenawo kulamasizini edlule.
Edlulisa inkulumo yakhe uncome ukubambisana nabakwaPrimo wathi kuyisiqalo esisha esigcizelela ukusebenzisana phakathi kosikompilo lweqembu kanye namaphupho abanawo.
“Lokhu kusebenzisana kusho ukuthi abalandeli bethu beza kuqala. Kusho ukuthi abalandeli bethu bazotholakala izwe lonke. Kusho ukuthi AmaZulu asendleleni yokuba yiqembu elinengqephu elilangazelela ukuba yilo futhi kuyajabulisa ukuthi lolu xhaso libonisa izimiso namasiko eqembu,” kusho uZungu.
IMenenja yakwa-Primo uGian Chidoni, udalule ukuthi yini eyenze ukuthi bexhase AmaZulu.
“Njengoba kulindeleke ukuthi kuqale isizini entsha, abalandeli bangalindela umcintiswano wokwakha ijezi lesithathu, loyo ozonqoba, ijezi azobe elakhile lizogqokwa yiqembu laMaZulu kule sizini entsha,” usho kanje.
