
Nhlakanipho Mnqayi
Kubungazwe ukuzinikela kwenkosi uBhekizizwe Biyela yaseMahlaziyeni emcimbini obubanjelwe enkundleni yezemidlalo eNkandla muva-nje.
L omcimbi obuthanyelwe yizinkumbi zabantu okubalwa kuzo noMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu eKZN, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kuleli (Cogta), uMnuz Velenkosini Hlabisa, amakhosi, izimeya nezinduna.
INkosi uBiyela isineminyaka engu-48 ezinikela kubantu kanye nokuqhakambisa umsebenzi asewuzuzile ngaphansi kobuholi bakhe.
Enkulumweni yakhe, uNgqongqoshe wakwa-Cogta, uHlabisa uthe Inkosi uBiyela ibungazwa njengomuntu oletha ingqalasizinda nokuthuthukisa isizwe okufaka phakathi izikole zasemphakathini njengoba eseka kakhulu imfundo.

“Inkosi Bhekizizwe Biyela uwumuntu onobuhlakani noyinsika ezikhungweni zabaholi bomdabu. Uyaqhubeka nokwabelana ngobuhlakani nolwazi lwakhe kumakhosi asemancane, edlala indima ebucayi ekulungiseni ikusasa labaholi bezomdabu esifundazweni sethu,” kusho uHlabisa.
UMphathiswa uButhelezi, yena uncome Inkosi uBiyela ngokuzinikela waphinde wamemezela ukwakhiwa kwesakhiwo sezobuciko sikanokusho esizohlala abaholi bezomdabu.
“Ngokwakhiwa kwalesi sakhiwo sidlala indima yethu ekuqinisekiseni ukuthi sithuthukisa isizwe futhi siyaqinisekisa ukuthi banazo izindawo ezizozuzisa inhlalakahle yabo,” kusho uMfu Buthelezi.
Amalungu omphakathi aphe Inkosi uBiyela izipho zikanokusho ezahlukene okubalwa kuzo imoto ye-Toyota Fortuner, imfuyo nokunye okuyindlela yawo yokutshengisa ukuhlonipha nothando umphakathi onalo ngenkosi yabo.
