
Nhlakanipho Mnqayi
UMasipala weTheku usuveze ukuthi usuyazi nge-video yezinye zezisebenzi zakulomasipala esisabalale ezinkundleni zokuxhumana.
Kule-video kuvela lo wesifazane ethi uyahlukunyezwa emsebenzini ehlukunyezwa umlingani wakhe oyi-supervisor.
Esitatimendeni esikhishwe umasipala uveza ukuthi lezi zinsolo bazozithathela phezulu.
“Njengomasipala lezi zinsolo angeke sizithathele phansi futhi simelene nokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nanoma yiluphi uhlobo lokuhlukumeza,” kusho isitatimende.
Sithe umasipala uyaphenya ngalolu daba, beqondiswa yimithetho yezomthetho elawula izindaba zabasebenzi.
Umasipala uphinde waveza ukuthi angeke usaphawula ngalolu daba njengoba luphakathi komqashi nomsebenzi.
