
Nhlakanipho Mnqayi
Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela umlisa oneminyaka engu-32 ozame ukubulala abantu abathathu ngoMgqibelo wabuya ngoMsombuluko ukuzobaqedela kanye nofakazi.
Kuthiwa umsolwa ufike ePhase-3, eTrenace Park, eVerulam ngezithuba zabo 13:46 emini esho ukubaqeda ngocelemba.
Esitatimendeni esikhishwe abakwa-Reaction Unit South Africa (RUSA), kuvela ukuthi owesifazane owagwazwa yilo wesilisa uthinte onogada ngokushesha.
“Owesifazane (29) ufonele ngokushesha onogada bakwa-RUSA. Ngesikhathi befika bakhonjiswe otshanini lapho obekucashe khona umsolwa. Onogada babe sebengena, bambamba umsolwa. Kufike namaphoyisa akwa-Metro ukuzosiza ukuzobopha lesi sigebengu esiyingozi,” kusho isitatimende.
Sithe owesifazane ulandise onogada bakwa-RUSA ukuthi umsolwa bayamazi.
“Sasingomakhelwane endaweni yase-Ntombe sase sifudukela ngapha eJabulani Hall ngesikhathi amakhaya ethu edicilelwa phansi yizikhukhula zango-Ephreli 2022. Umlisa yena wafudukela eChatsworth nomfowabo.
“Ngomgqibelo wabuya eJabulani Hall wagwaza owesifazane emhlane, wagwaza ngokuphindelela ugogo walo wesifazane. Umsolwa ubephethe u-5 litha ka-petrol nawuthele endlini wazama ukushisa indlu, uthe ehluleka ukwenza lokho, wabaleka,” sisho kanje.
Onogada bakwa-RUSA bazamile ukukhuluma nomsolwa kodwa wanqaba ukuphendula imibuzo. Umfowabo ufikile watshela onogada ukuthi umsolwa ushise ikhaya labo eChatsworth, waphinde waqinisekisa ukuthi umfowabo akaguli ngengqondo.
