
ICape Town City isihlukene nomqeqeshi obebambile uMuhsin Ertugral ngenxa yokuphikwa yimiphumela.
U-Ertugral owagqama ebholeni lakuleli esacija iKaizer Chiefs, wajoyina iCity njengenhloko yosomaqhinga. Isikhathi afika ngaso saqondana nokuxoshwa komqeqeshi u-Eric Tinkler ngoJanuary kwabe sekuthiwa u-Ertugral akabambe njengomqeqeshi.
Umsebenzi wakhe wokuba yiTechnical Advisor ubezowuqala ngoJuly uma kufika umqeqeshi omusha
Waqala ngomfutho njengomqeqeshi obambile equmba phansi izinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kulandelana wase ebhubha yinduku emidlalweni elandelayo.
Udliwe emidlalweni engu-8, wadlala ngokulingana kwemithathu futhi wawina neminye emithathu kwengu-14 ayidlalile.
ICape Town City iku number 13 kwi-log yeBetway Premiership ngamaphuzu angu-23 emidlalweni engu-23.
ICity imemezele ukuthi uDiogo Peral uzobamba kuze kuphele isizini elekelelwa wuLebogang Manyama noRoger De Sa.
