
UNdunankulu waseKZN uMnuz Thami Ntuli unxuse izinduna namakhosi ukuba uma bebeka abantu ezindaweni zasemakhaya baqikelele ukuba bababeka ezindaweni eziphephile ngoba isimo sezulu siyaguquguquka kube nezunhlekelele.
UNtuli usho lokhu ehambele imindeni yabakhahlanyezwe imvula enamandla ngempelasonto ezindaweni eziseNingizimu yeTheku. Uthe kubuhlungu ukulahleka kwemiphefumulo.
Uqinise idolo imindeni eshonelwe ukuthi bazoba nayo bayolekelele ngamalungiselelo okufihla futhi bazoba khona noma sekudlulile ukuqinisekisa ukuthi bayakwazi ukwakha kabusha izimpilo zabo.
Ubonge oMEC wakwaHuman Settlements uMnuz Siboniso Duma nowakwaCogta uMfu Thulasizwe Simelane abafike kuqala kulezi zindawo ukuzohlola umonakalo, kanye neMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba. Unxuse abantu ukuba bazilalele izexwayiso ngesimo sezulu ukuze bakwazi ukugwema izinhlekelele ikakhulukazi abasuke bezowela imifula.
UMnuz Bongumusa Nyuswa okushone kubo uLindokuhle Mthembu (13) ocindezelwe udonga, uthe bahlalele ovalweni futhi banokukhathazeka njengoba bedilikelwe kubikwa ukuthi imvula ayikapheli. Uthe bebenethemba lokhuthi uLindokuhle uma ekhula uzoza noshintsho.
