
Nhlakanipho Mnqayi
Kuse ngokunye ngesikhathi imigulukudu ihlasela kwesinye sezikole ePhoenix eThekwini yavalela othisha abathathu ngezibhamu.
Ngokusho kwe-Reaction Unit South Africa, ithe abasolwa abathathu abebehlome beyizongovolo bebehamba nge VW Golf GTI.
“Abasolwa bafike behamba nge-VW Golf GTI. Emva kwesigameko babe sebebaleka ngeBMW 320i enezinombolo ezibhalwe uVASHIKA GP.”
“Abasolwa bathathe omakhalekhukhwini ababili, ama-laptop angu-2, okhiye, isikhwama esinemali kanye nokunye,” kusho isitatimende.
Othisha basale bethukile futhi bathole ukwelashwa ngabezimo eziphuthumayo endaweni yesigameko.
