
Nhlakanipho Mnqayi
IKingdom Queens yaKwaZulu-Natal iphucwe iqatha emlonyeni yiWestern Cape Tornados emdlalweni wamanqamu kaDivision 2, weTelkom Netball League obubanjelwe eRembrandt Hall, ePitoli ngeSonto ebusuku.
IWestern Cape Tornados inqobe lomdlalo ngo 47-46, yakhala yemuka nendondo kanye nomklomelo kaR200 00, kwathi iKingdom Queens yona yathola uR150 000.
Lamaqembu abethangana womabili zisuka, lingekho elifuna ukugoba uphondo. Kuze kwadingeka imizuzu yokugcina nokuyilapho iTornados ishayelele isipikili sokugcina yakhala yemuka nesicoco sikaDivision 2.
Ukunqoba kweTornados kusho ukuthi leli qembu lizodlala neKingdom Stars yaseKZN emdlalweni ozocacisa ukuthi iKingdom Stars iyaqhubeka nokudlala esigabeni sikaDivision 1 ngesizini ezayo noma iTornados yiyo ezokhuphukela kulesi sigaba.
ULonwabo Khumalo, weKingdom Queens, odlala njengoGoalkeeper, ube ngumdlali ovelele wakhala wemuka noR2000, kwathi uzakwabo, uAphiwe Thusini wathola indondo yeBest Shooter, wakhala wemuka noR5 000. ULaura Ehlers weTornados, yena uqokwe njenge Best Attack naye wahlomula ngo-R5 000, u-Asemahle Dyidi, weTornados waqokwa njengeBest Defender wakhala wemuka noR5 000, kwathi uRochelle Maree, weLimpopo Baobas waqokwa njenge-Stand Tall Player of the Tournament, wahlomula ngo-R5 000.
