
Nhlakanipho Mnqayi
Kubhungwe ngezinto eziningi okubalwa kuzo ukungena kwabantu kwamanye amazwe ngokungemthetho kanye nokuqiniswa kwemithetho kamasipala njengoba iMeya kaMasipala weTheku, uMnuz Cyril Xaba, ehlangane nobuholi be-March and March uNkk Jacinta Ngobese-Zuma kanye noXolani Zuma.
IMeya uXaba uqinisekise ukuthi njengomasipala bayazibophezela ekusebenzisaneni nazo zonke izinhlaka ukuze kulandelwe imithetho yedolobha. Uphinde waveza ukuthi umasipala kanye nabe-March and March bazosebenzisana ekuhleleni imikhankaso ezoqwashisa ngalezi zinkinga.
Uqhube wathi lezi zinhlelo zizofaka phakathi izingxoxo zokubonisana nalabo abanikezela ngamabhizinisi abo kwababokufina abangenazo izimvume, kanye nokuqwashisa ngobungozi bokugcina abokufika kuleli abangenazo izimvume.
IMeya ithe idolobha lisezinhlelweni zokubuyekeza imithetho yalo, yanxusa nokuthi iMarch and March nayo izibandakanye nalezi zinhlelo.
“Siyaxoxisana noNgqongqoshe wezoBulungiswa kanye nokuThuthukiswa koMthetho, uMamoloko Kubayi, ukwakha izinkantolo eziyikhethelo ukubhekana nezingqinamba zokuthathwa komhlaba ngokungemthetho nokudliwa kwamabhilidi edolobheni,” kusho uXaba.
Abe March and March bawamukele umhlangano nemeya baphinde baqinisekisa ukuthi yonke imibhikisho yabo izoba nokuthula njengoba bona beyinhlangano elandela imithetho.
Khonamanjalo, i-African National Congress (ANC), eThekwini nayo ithe sekwanele ngabokufika abakuleli ngokungemthetho abanezitolo namabhizinisi amancane.
Ithe lokhu kuhlukumeza abantu futhi sekudale izingxushungxushu kubantu bendawo kanye nabokufika mayelana nendaba yemisebenzi kanye namathuba amabhizinisi.
