
Nhlakanipho Mnqayi
Kuboshwe abasolwa abathathu ngokuthumba kanye nokubulala abantu abangu-7, endaweni yaseNewtown, eNewark.
Ngokusho kwemibiko ithi isisebenzi ebesisebenzela izisulu ufike lapho asebenzela khona ngoLwesithathu ekuseni, wafika kugqekeziwe emzini, abantu abangu-7 kanye nemoto kudukile.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa sithe izisulu ezingu-7 Zabel sezibulawa ngalo lolosuku ebusuku eMelmoth.
“Uphenyo lwamaphoyisa luwaholele endaweni yakwaHlomendlini lapho abasolwa ababili beboshwe khona ngoLwesithathu emini. Omunye wabasolwa utholwe nomakhalekhukhwini obekungenye yezisulu ebezithunjiwe. Imininingwane iyalele amaphoyisa ukuba ayophenya endaweni yaseDendetu, eSundumbili lapho okuboshwe khona umsolwa wesithathu. Utholwe nesibhamu. Kuphinde kwatholwa omakhalekhukhwini abangu-11 kubo abasolwa,” kusho isitatimende.
Sithe omunye walaba basolwa kutholakale ukuthi ubesebenzela izisulu.
“Yena kanye nozakwabi bagqekeze emzini wezisulu, bazibopha ngentambo kwathi omunye wanukubeza owesifazane (20) ngaphambi kokuthi bebafake emotweni yezinye zezisulu. Umsolwa onukubeze owesifazane ngaphambilini, kibikwa ukuthi uphinde wamnukubeza khona eMelmoth ngaphambi kokuthi afune imininingwane yasebhange kwizisulu ezintathu, emva kwalokho base beyazidubula izisulu zontathu kwazi ezinye zagwazwa kanzima,” sisho kanje.
UMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi uncome amaphoyisa ngokubopha izisulu waphinde wayalela abaphenyi ukuthi baqinisekise ukuthi imindeni yezisulu iyabuthola ubulungiswa.
Laba basolwa ababalelwa eminyakeni engu-21, 26 no-28 bazovela enkantolo yeMantshi KwaDukuza zingu-24 April nonyaka.
