
Nhlakanipho Mnqayi
Obengungqondongqondo emacaleni okudunwa kwezimoto aphinde afunelwe uxhaxha lwamacala okubulala eManguzi, udutshulwe washona ngesikhathi kugqekezwa umuzi.
USifiso ‘Coach’ Malwane, ongomunye wezelamani zakwaMalwane, udutshulwe washona ngesikhathi kubanjwa inkunzi kuhlonyiwe emzini osendaweni yaseThengani, eManguzi ngeSonto ebusuku.
UMalwane ubesohlwini lwezigebengu ezifunwa ukhalo ngamaphoyisa kwazise ubefunelwa amacala athinta ukubulawa kukaMnuz Sipho Juda Mthethwa obelwa nobugebengu emingceleni kanye namanye amacala amaningi.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa sithe, uMalwane nozakwabo bangene kulo muzi behlome beyizingovolo, bafuna ngodli okhiye bemoto kumnikazi womuzi.
“Isisulu sikwazile ukuthatha isibhamu saso, sadubula sibhekise kubasolwa ababe sebedla phansi. USifiso obuye aziwe ngelika ‘Mlungu’, udubulekile walimala kodwa wakwazi ukubaleka endaweni yesigameko.”
“NgoMsombuluko, zingu-20 April nonyaka, ithimba elisebenza eMingceleni khona eManguzi, lithole umbiko mayelana nokulahlwa kwesidumbu somuntu ngokungemthetho endaweni yaseUmgodiwemvubu ngeSonto ebusuku. Uphenyo luveze ukuthi umzimba lo ungoka Sifiso Malwane owadutshulwa ekuseni ngalolo suku, wase elethwa umfowabo naye ofunelwa uxhaxha lwamacala ukuzomgcwaba ngokuyimfihlo,” kusho isitatimende.
Kuphinde kwavela ukuthi lezi zelamani zifunelwa necala lokubulala inyanga, uMnuz James Mthembu.
Okunye okuhlalukile, ukuthi umzimba kaSifiso ugujiwe lapho kade ungcwatshwe khona futhi nophenyo luyaqhubeka. Amaphoyisa ayaqhubeka nokuthungatha umfowabo uMusa Malwane, futhi kuzophindwe kwengezwe icala lokuphula ingalo yomthetho emacaleni abhekene nawo.
Amaphoyisa anxusa nanoma ubani onolwazi lokuthi ngabe ukephi umsolwa, abikele amaphoyisa kwinombolo ethi: 08600 10111 noma besebenzise iMySAPS App.
