
Nhlakanipho Mnqayi
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka usegxeke isenzo esishaqisayo sokubanjwa kwenkunzi othisha bekhonjwe ngezibhamu esikoleni samabanga aphansi iZamokuhle Primary School, KwaMashu.
Kulesi sigameko esenzeka ngoLwesihlanu zingu-13 March nonyaka, kwangena iqeqebana labasolwa behlomile, babopha onogada base beqhubeka nokuhlukumeza othisha babaphuca izinto zabo baphinde babaphoqa ukuba babathumelele imali esebhange ngaphansi kwengcindezelo.
“Lesi senzo sobudlova nobugwala esihlasela labo abanikele ngezimpilo zabo ekuthuthukisweni kwekusasa lezwe. Othisha bethu kumele bavikelwe ngaso sonke isikhathi futhi bengasebenzi ngaphansi kwezimo zokusatshiswa ngodlame.”
“Lesi senzo sihlukumeza ngqo ikusasa lezwe lethu kanye nesifundazwe. Angeke sikwazi ukuvumela izigebengu ukuthi zijike izikole zethu zizenze izigameko zobugebengu. Izikole kumele zihlezi ziphephile ukuze kuqhubeke ukufunda nokufundisa. Sinxusa wonke umphakathi ukuthi usebenzisane nengalo yomthetho kanye nomnyango ukuvikela izikole zethu,” kusho uHlomuka.
Uthe lesi senzo sishiye abafundi kanye nothisha behlukumezekile, ngakho-ke umnyango uyasebenzisana namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi lezi zigila mkhuba ziyaboshwa. Amaphoyisa asevule icala lokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe emva kwalesi sigameko. Umphathiswa unxenxe nanoma ubani onolwazi ashayele amaphoyisa ngokushesha.
Okunye okuhlalukile ukuthi uHlomuka useqinisekisile ukuthi ukwesekwa ngokwengqondo kuyahlinzekwa kothisha nabafundi. Uveze nokuthi sekuqiniswe nezokuphepha kuso lesi sikole kanye nasezikhungweni esisondelene nazo.
Khonamanjalo, uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ukhathazekile ngokukhula kwezinga lodlame ezikoleni futhi banxusa amalunga omphakathi ukuthi adlale indima yawo ekuvikeleni izikole kanye nokuphepha kwezingane nothisha.
