
Nhlakanipho Mnqayi
Injabulo ibibhalwe emehlweni emphakathini waseMakhwezini namaphethelo ngaphansi koMasipala waseMfolozi ngokufika kwesitimela sakwaTransnet, iPhelopepa ehlinzeka ngezempilo ezehlukene.
Lesi sitimela esiqale ukusebenza ngokusemthethweni ngoMsombuluko zingu-16 March nonyaka, sizoze sihambe ngoLwesihlanu zingu-27 March nonyaka.
IMeya kaMasipala waseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu, ohambele lesi sitimela, uthole ithuba lokubona ukuthi izinsiza zihlinzekwa kanjani kulesi sitimela. Uphinde wathola nokuthi yiluphi usizo oludingeka kumasipala ukuze ukusebenza kube lula.
“Kubalulekile ukuletha lezi zinsiza eduze kwabantu, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya lapho ukufinyelela ezikhungweni zezempilo kunzima khona,” kusho uBhengu.
Izakhamuzi nazo zizwakalise ukubonga nokujabula ngokufika kwalesi sitimela njengoba bezishaye ujenge zilindele ukusizwa ngokwezempilo okubalwa kukho ukuhlolwa amehlo, amazinyo, ukululekwa ngokomqondo, kanye nokunikwa imishanguzo yezifo abatholakale ukuthi banazo.
Imeya iphinde yanxusa izakhamuzi ukuba zilisebenzise leli thuba lokufika kwalesi sitimela ukuyothola usizo.
Khonamanjalo, imenenja yesitimela uMnuz Bheki Mendlula, uthe ukuyisa lesi sitimela emakhaya kuyindlela yokubuyisela emphakathini nokulekelela uMnyango wezeMpilo.
“Abantu bayaye belinde isikhathi eside uma benezinye izinkinga zezempilo okubalwa kuzo inkinga yamehlo neyomdlavuza nawo ohlolelwayo kulesi sitimela,” usho kanje.
