
Nhlakanipho Mnqayi
ISANDA Skills Development ibe nomcimbi weVision Board Master Class obuhlanganisa osomabhizinisi abasebasha nabadala obubanjelwe eHilton Garden Inn, eMhlanga Arch muva nje.
Inhloso yalomcimbi bekuwukuhlanganisa osomabhizini abasemkhakheni eyahlukene ukuze bakhuthazwe ukuthi baphuphe kakhulu, babeke imigomo ecacile ngamaabhizinisi abo, ebese behlela ikusasa labo ngendlela ehlelekile.
Ingxenye yamabhizinisi abehambele lomcimbi kubalwa iLNM Fundanathi, Bianca Beauty, Bumondli Hair Salon, Graphic Side, Marble Media namanye.
UNksz Nompumelelo Myeni, ongumsunguli weNM Coaching Firm, okuyinhlangano esiza abantu ngokuhlela ama-vision board classes kanye nezinhlelo ze-team building ezinkampanini, udlulise ulwazi analo ngokubaluleka kokubeka imigomo ebhizinisini.
“Imigomo ecacile ibalulekile ebhizinisini futhi osomabhizinisi kumele balandele izinhlelo eziqondile ukuze kufezeke impumelelo emabhizinisini abo nasezimpilweni zabo,” kusho uNksz Myeni.
Umholi nombonisi we-SANDA Skills Development, uNkk Nelisiwe Mkhize, uthe lomcimbi ungenye yemicimbi iSANDA Skills Development eba nayo minyaka yonke.
“Ukuhlala njalo senza lomcimbi sisuke sihlose ukukhuthaza abantu ukuthi baphuphe kakhulu, bahlele kahle futhi balandele imigomo yabo abasuke beyibekile kuze kube sekugcineni,” kusho uNkk Mkhize.
Uthe ubonga abaxhasi abenze lomcimbi waba yimpumelelo.
“Ngithanda ukubonga ibhange lakwaNedbank, eKingsmead Stadium, lapho bekukhona uNceba kanye no-Amen Hadebe. Ngibonge iSkin Essential ka-Dr Cebi Sibisi, kanye namanye amabhizinisi angathandanga ukudalulwa,” ubeke kanje.
Khonamanjalo, kube khona nemiklomelo etholwe yilabo abebe yingxenye yalomcimbi okubalwa kuyo ukuqeqeshwa yiNM Coaching Firm, otholwe yibhizinisi iGraphic Side, okuyithuba elizobasiza ekuthuthukiseni amasu abo ebhizinisi.
