
Nhlakanipho Mnqayi
UMasipala weTheku usunxenxe izakhamuzi kanye namabhizinisi ukuthi basebenzise amanzi ngendlela kulandela isigameko esiphazamise ukuphakelwa kwamanzi ezingxenyeni eziningi eThekwini.
Umasipala uthe zingu-11 March nonyaka, isiphehli mandla esikhulu sedolobha, uMngeni-uThukela Water sibike ukuthi i-valve edamini iNagle ilimele.
“Lesi sigameko siphazamise ukuhlinzekwa kwamanzi kwa-Durban Heights Water Treatment Works, ehlinzeka amanzi ezingxenyeni eziningi edolobheni kuzo zombili izifunda ezisenyakatho nase ningizimu.”
“Ukulimala kwe-valve sekwenze kwancipha isibalo samanzi esifika kusiphehli manzi. Njengamanje isibalo samanzi esishodayo sibalelwa ku-150 megalitres wamanzi ngosuku, okungamanzi ajwayelwe ukuhlinzekela idolobha ukuze liwaphakele abantu,” kusho uMasipala weTheku.
Uthe i-valve elimele ikhishiwe, kanti ukuyilungisa kuyaqhubeka.
“Ngalesi sikhathi, umasipala usebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi amanzi ayahlinzekwa kuzo zonke izindawo ezikhahlamezekile. Ukusiza nokwenza ukuthi kungabi bikho ukuphazamiseka, idolobha linxusa izakhamuzi namabhizinisi ukuthi banciphise ukusebenzisa amanzi, bawasebenzise uma benza izinto ezimqoka,” usho kanje.
Umasipala ugcizelele ukuthi ukusebenzisana nezakhamuzi kusemqoka ekusizeni ukugwema nokulawula isimo sokushoda kwamanzi ngesikhathi kusalungiswa. Umasipala uphinde waveza ukuthi lesi isimo esibucayi, ngakho-ke kuzothatha isikhathi ukuthi isimo sibuyele kwesejwayelekile.
Khonamanjalo, iMeya kaMasipala weTheku, uMnuz Cyril Xaba, uthe isimo singaphezu kwabo okwenze wabiza isithangami se-Executive Committee (EXCO) nezikhulu zase-Umngeni-uThukela Water namhlanje ngo-5 ntambama ukuzobhunga ngalesi simo samanzi esikhahlameze izindawo eziningi edolobheni.
