
Nhlakanipho Mnqayi
Umgadli ongagayelwa mphako kulezi zinsuku uSenzo ‘Mbhobho’ Ndlovu uthembisa ukuqhubeka nadume ngakho okungushaya amagoli ukuze asize iqembu lakhe emidlalweni yeligi.
UNdlovu (28) osanda kusayina kwiNsingizini Hotspurs FC yaseSwatini, usuka eqenjini le-Highbury FC kuMotsepe Foundation Championship lapho ebebolekiswe yiqembu laMaZulu FC kuBetway Premiership. Uke walunguza nakuDurban City nayo edlala kuPremier Soccer League (PSL). Emidlalweni emibili aseyidlalile kuNsingizini Hotspurs, useshayele leli qembu amagoli amathathu emidlalweni emibili aseyidlalile.
Elandisa Ezangempela For Real, uthe uzama ngayo yonke indlela ukuthi alekelele iqembu.
“Ngenza ngakho konke okusemandleni ukusiza iqembu ngokwenza owami umsebenzi okuwukushaya amagoli. Ngiyabonga ukuthi lokho kukwazile ukusiza iqembu ukuthi lithole amaphuzu aphelele,” kusho uNdlovu.
Uthe uzoqhubeka nokusebenza kanzima.
“Ngizoqinisekisa ukuthi owami umsebenzi ngizowenza, ngisaye amagoli ukuze siwine futhi ngikhande namathuba amaningi ukuze iqembu likwazi ukunqoba,” usho kanje.
INsingizini Hotspurs ilele endaweni yokuqala kuMTN Premier League of Eswatini, ngamaphuzu angu-38 emidlalweni engu-18. Umdlalo waleli qembu olandelayo uzobe uphakathi kwabo neMbabane Highlanders AM FC emqhudelwaneni we-Ingwenyama Cup, ngeSonto zingu-22 February nonyaka.
