
Nhlakanipho Mnqayi
USiyabonga Mnganga ongumqeqeshi wenkulisa iBritish Football Academy ezinze ePinetown, KwaZulu-Natal, uncome abaphathi balenkulisa ngokubambisana kulandela ukukhiqiza abadlali abahamba beyodlalela amaqembu ahlonishwayo kuleli.
UMnganga usho kanje kulandela ukuthi umdlali walenkulisa uKhulekani ‘Sdah’ Nxumalo (18), odabuka eNchanga, eyozama inhlanhla eqenjini leManchester City lika-Under-21. UNxumalo uzojima naleli qembu lase-England amasonto amabili.
Elandisa Ezangempela For Real, umqeqeshi uthe okubenza bephumelele kulenkulisa, ukubambisana.
“Kule nkulisa sibambisene kakhulu kanti futhi sonke simqondo munye ekutheni sihloseni ngale nkulisa. Lokhu kusuka phezulu kubaphathi bethu uJohn Read noPeter Coyle, okuyibona abasunguli benkulisa. Ukuzimisela kwabo kuthelela nathi abasebenzi benkulisa ukuthi sisebenze kanzima, okuphinde kube nomthelela kubadlali imbala,” kusho uMnganga.
Uthe njengeBritish Football Academy kusho lukhulu ukuthi omunye wabafana ayozibonakalisa kwelinye lamaqembu amakhulu emhlabeni.
“Ukusungulwa kwale-academy kwakuvele kuyiyona nhloso enkulu ukuthi sikhiqize abafana abasuka eNingizimu Afrika abangamelana nokudlala emaqenjini aphesheya ikakhulukazi e-England,” usho kanje.
Echaza ukuthi iManchester City yambona kanjani uNxumalo, uthe njengenkulisa yonke imidlalo yabo bayayiqopha benzela ukuthi labo abahlwaya amakhono abavela phesheya babe nesithombe ukuthi mabekhuluma ngomdlali othize bakhuluma ngani.
“Omunye wabaphathi bethu wakwazi ukufinyelelisa i-video kaNxumalo kuYaya Toure, owancoma kakhulu indlela adlala ngayo. Wabe eseyidlulisela kumfowabo uKolo Toure oyisekela lika Pep Guardiola. Kusukela lapho, uKolo wabe esexhuma uzakwabo asebenza naye uPaul Banks ongomunye wabasebenzi kuManchester City abaye bafune abadlali abanamakhono izwe lonke,” ubeke kanje.
Khonamanjalo, uphinde wachaza uNxumalo njengomdlali ongandile ngokukhuluma, ozothandela ukuhleka nokuthanda ibhola kakhulu. Uthe enkundleni uthanda ukuhluka kancane njengoba ezethemba ngokwedlulele, akamncengi omunye umfana, uyaqonda ukuthi enkundleni kuyafana nasempini, uyalikahlelela ipali futhi uphakela nabagadli ukuthi bakore.
