
Amaphoyisa aseKZN athi ayabonga kusomabhizinisi uCalvin Mathibeli ngokuwamema ukuthi amphenye ngoba aseqalile.
UMathibeli namuhla ekuseni ukhiphe isitatimende ethi uyazi ukuthi kunezinhlelo zokuthi amaphoyisa ambulale bese kuthiwa udubule kuqala ngaphambi kokuthi ayovela kwikhomishini kaMadlanga.
Ezinkundleni zokuxhumana kuvele ama-video amaphoyisa esemahhovisi akhe eDurban North eyophenya.
Umbhalo kaMathibeli ububukeka ugudla umkhuzi wamaphoyisa aseKZN uLt Nhlanhla Mkhwanazi angambizanga ngegama. Ubethi umehluko wakhe naye wukuthi yena akaphili ngokuthatha imali yokuvikela ezinkampanini zonogada nosomatekisi.
Uthe engadukisa umhlaba wonke ngamanga kodwa iqiniso lizovela.
Esitatimendeni amaphoyisa aseKZN athe azibonile izinsolo zikaMathibeli ezingabambeki futhi ezingcolisa igama lawo.
Athe usole uMkhwanazi ngokukhipha umyalelo wokuthi abulawe.
“Angakwazi uMnuz Mathibeli ukuthi uphenyo emahhovisi akhe belwenziwa yikomkhulu lamaphoyisa, awaseKZN awahlangene nalo. UMnuz Mathibeli ubonakala ethanda ukunaka amaphoyisa aseKZN kakhulu umkhuzi wawo,” kusho isitatimende.
Athe azomthathela izinyathelo zomthetho ngokungcolisa igama lawo.
Athe inkulumo yakhe isiwameme ukuthi aqale amphenye futhi asethole ukuthi uhlomule ngethenda yoMnyango wezeMpilo eGauteng.
Athe abengazi lutho ngaye kodwa athanda ukumbonga ngokuthi awameme yena ukuthi aqale uphenyo ngaye .
