
Nhlakanipho Mnqayi
Basale enkundleni abasolwa abane ngesikhathi bedubulana namaphoyisa emijondolo yaseMatikwe, eNanda ngoLwesibili ebusuku.
Ngokusho kwamaphoyisa, kuthiwa abasolwa bebefunelwa amacala okubulala, ukuzama ukubulala nokugebenga.
Amaphoyisa athe ancinzwe indlebe lapho abasolwa bebecashe khona ase enikela khona.
“Abasolwa batholwe because emijondolo eengamagumbi amabili eMatikwe. Ngesikhathi amaphoyisa efika emdaweni yesigameko, kube sekudutshulwana okuholele ekutheni abasolwa abane beshone,” kusho isitatimende samaphoyisa.
Kutholakale izibhamu ezincane ezine kanye nezinhlamvu. Alikhoniphoyisa elilimalile ngesikhathi kudutshulwana.
