
Nhlakanipho Mnqayi
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ugxeka imibhiyozo evamiswe ukwenziwa abafundi baka-matric, “iPens Down” uma beqeda ukubhala izivivinyo zabo.
UMnyango wezeMfundo uchaze lokhu njengokungaziphathi kahle njengoba kubandakanya izinkambi zikafaro, ukubulawa kwempahla kanye nokungaziphathi kahle okubalwa kukho ukudabula nokubhala imifaniswano yesikole, okubonakala njengokungahloniphi kanye nokungaziphathi ngendlela okuyinto umnyango ohlezi uyitshala kubona bonke abafundi.
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka usexwayise bonke abafundi abenza u-matric ukuthi baziphathe ngendlela uma beqeda ukuphothula izivivinyo zabo.
“Ngesikhathi sincoma abafundi bethu ngokuqeda isahluko esibucayi ohambeni lwabo lwezemfundo, angeke sivumele izinto ezizofaka bona kanye nabanye engcupheni. Imibhiyozo ye-Pens Down ivamise ukuphela kabuhlungu, kungaba izingozi zemoto nezinye izigameko eziletha ukudumala kunenjabulo.”
“Sinxusa bonke abantu abancane ukuthi babungaze ngokucophelela baphinde babeke kuphepha kwabo kanye nempilo yemiphakathi yabo phambili. Abazali, othisha kanye nabaholi bomphakathi abasebenzisane ukwehlisa imibhiyozo enobungozi, baphinde bakhumbuze abafundi ukuthi ukuziphatha kwabo akuthinti-nje bona kuphela, kepha kuthinta izikole abafunda kuzo kanye nemindeni yabo,” kusho uHlomuka.
Uthe njengoba sekusondele ukuphothulwa kwezivivinyo zika-matric, umnyango unxenxa zonke izinhlaka ukuthi zigqugquzele imibhiyozo emihle ezoba nokuziphatha, inhlonipho kanye nesithunzi.
“Sifuna ukuqeda unyaka ngenothi elihle, ngaphandle kwezinkinga. Asibungaze ngokuzinakekela futhi sibheke ngamehlo abomvu ukubona abafundi bethu benza kahle emikhakheni abazoyikhetha nasebuholini obuzoba nomthelela ezweni lethu,” ubeke kanje.
Umnyango uphinde wanxusa abafundi ukuthi banikele ngemifaniswano yabo kulabo bafundi abangathathi entweni uma sebezolanda izitatimende zabo ngoLwesibili zingu-13 January 2026.
Uthe ngokunikela ngesihle, kuzoba yindlela enhle ezophuthula imfundo yabo yasesikoleni.
