
Kuthiwa amadoda angu-17 uhulumeni okhiphe isitatimende ngawo ngeviki eledlule ukuthi avaleleke empini yaseRussia ne-Ukraine angamalungu eMK Party.
Kuthiwa lamadoda aya eRussia ngoJulayi ethenjiswe ukuthi ayoqeqeshelwa ukuba ngabaqaphi babaholi beqembu.
INews24 namhlanje ibike ukuthi zijikile izinto esefika khona aqeqeshelwa ukuba amasosha amaviki amathathu ase ephoswa empini.
Abe esekhala kwindodakazi kaJacob Zuma uDuduzile Zuma-Sambudla kodwa angayithola impendulo akhetha ukubhalela umongameli Cyril Ramaphosa.
NgoSeptember 19 kuthiwa kunencwadi ebukeka isayinwe wuZuma encenga uNgqongqoshe wezokuvikela eRyssia u-Andrew Belousov ukuthi ayise lamadoda endaweni ephephile.
Okhulumela iMK uNhlamulo Ndhlela uqinisekise ukuthi incwadi inokusayina kukaZuma. Uthe bazolinda abaseRussia ukuthi baphendule.
Ihhovisi likaRamaphosa ngeviki elidlule lithe kuyicala ukuthi abantu bakuleli bayolwa izimpi zakwamanye amazwe ngaphandle uma begunyazwe uhulumeni.
