
Nhlakanipho Mnqayi
Ulale ebaliwe umlisa oshise intombi yakhe waphinde wagenca indodakazi yayo ngembazo endaweni yase Shanelweni Reserve, eNgome namhlanje.
Lo mlisa (48) kuthiwa akagcinanga ngokushisa nokugenca indodakazi yentombi yakhe ena-28 weminyaka, kodwa uphinde wadlwengula nengane yayo intombi eneminyaka engu-13.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa sithe ingane ena-13 ibilele nodade wayo omdala ngesikhathi bevuswa umsindo ezintatha ngo-1 ekuseni namhlanje.
“Ingane ibe isiqaphela ukuthi isoka lika nina ligenca usisi walo ngembazo. Ingane ibe isizama ukungenelela, umlisa wayeka ukuhlasela udadewabo wadonsa ingane ngaphandle kwendlu. Ngesikhathi eyidonsa, ingane ibone intuthu ebiqhamuka egunjini lapho bekulele unina wayo kulo. Umsolwa waqhubeka nokudonsela ingane ehlathini wayidlwengula, waze wayidedela kungakasi,” kusho isitatimende.
Amaphoyisa athe ngesikhathi ethola imininingwane, ithimba lamaphoyisa eK9 eVryheid esebenzisana namaphoyisa asesiteshini saseHlobane aqalise uphenyo oluholele ekuboshweni komsolwa endaweni yaKwaManyathi.
“Umsolwa uthweswe icala lokubulala, elokuzama ukubulala kanye nelokudlwengula,” sisho kanje.
Umsolwa uzovela enkantolo yeMantshi eLouwsburg kusasa.
