
Ilungu leNEC neNWC ye-ANC uMalusi Gigaba lizovela enkantolo yamacala angakaziwa eGauteng namhlanje.
UGigaba ukhiphe isitatimende lapho ethe uyalelwe wuphiko lokushushisa umphakathi iNational Prosecuting Authority ukuthi afike enkantolo namhlanje lapho ezothweswa amacala ngokusemthethweni.
Amaala athinta inkohlakalo okuthiwa yenzeka kwaTransnet. UGigaba uke waba ungqongqoshe wakwaPublic Enterprises iTranset engena ngaphansi kwayo.
UGigaba uthe uyawuhlonipha umthetho futhi uzolandela konke.
“Unembeza wami umsulwa ngokuziphatha kwami ehhovisi,” kusho uGigaba.
Emuva kokuvela kwakhe enkantolo namuhla kuzobonakala ukuthi uzoshenxa yini emisebenzini ye-ANC ngokomgomo weqembu wokuthi abahamba amacala abasuke aze aphele.
Abanye ababeyizikhulu zakwaTranset bangaphandle ngebheyili kaR50 000 ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo ngethenda lezitimela elagcina linyuswe imali labiza uR3.4 billion.
Lezo zikhulu uBrain Molefe noSiyabonga Gama asebengamalungu eMK Party ephalamende, uThamsanqa Jiyane no-Anoj Singh.
