
Nhlakanipho Mnqayi
Uzogugela ejele umlisa otholwe enecala lokubulala abantu abahlanu, ukuzama ukubulala nokugqekeza,eMlazi.
INkantolo ePhezulu eThekwini igwebe uSphamandla “Chillies” Gumede (30) odilikajele abahlanu kanye neminyaka engu-40 ngaphezulu ngamacala awenza ngo-November wango-2023.
Kuthiwa phakathi kwamabili zingu-13 November 2023, abantu abayisithupha badutshulwa endaweni yase-Uganda eMlazi. Abahlanu bashona, kwathi omunye wasinda enamanxeba okudutshulwa.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa, sithe uphenyo olunzulu olwenziwa yi-Provincial Murder and Robbery Unit lwaveza ukuthi ubani owenza lesi sigameko.
“Ithimba labaphenyi elisebenza ngokuzikhandla lahlanganisa ukuthi umsolwa ukephi, kwatholakala ukuthi usejele eQalakabosha kulandela ukuboshwa kwakhe mayelana namacala ahlukene okubulala awenza eShowe,” kusho isitatimende.
Kuhlaluke nokuthi amaphoyisa asiphikisa isicelo sakhe sebheyili, wagcinwa ejele waze wagwetshwa.
