
Nhlakanipho Mnqayi
Abasolwa abebefunwa ngoxhaxha lwamacala eNanda namaphethelo basale enkundleni ngesikhathi bezama ukubulala amaphoyisa eMlazi namhlanje.
Amaphoyisa alunywe indlebe mayelana nalapho abasolwa bebebhace khona endaweni yase Silwane Khoza Road, eMlazi ka-D.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa, sithe abasolwa bavulele ngezulu lezandla bebhekise emaphoyiseni.
“Amaphoyisa omthetho nawo aphendule ngezulu lezandla. Ngesikhathi kudutshulwana, abasolwa ababili basala enkundleni,” kusho isitatimende.
Izibhamu ezitholakele zizoyiswa ukuyohlolwa ukubheka ukuthi azikazi yini zibandakanyeke kobunye ubugebengu esifundazweni.
