
UMphathiswa wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma uncome ososeshini bamatekisi abangu-246 ngokugwema udlame obeluzophazamisa ukuthuthwa komphakathi.
UDuma usho kanje ngesikhathi izolo ebebambe isithangami nobuholi be-KwaZulu-Natal South African National Taxi Council obusanda kuqokwa.
Okuhlalukile kulesi sithangami kubalwa kukho:
- Isicelo se-KZN SANTACO sokuthi kuqokwe umuntu ozothuthukisa imboni yamatekisi.
- Inhlangano yamatekisi izophinde ibe nesinye isithangami esizobandakanya abaholi abaqhamuka ezifundeni ezingu-16.
- UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal ne- KZN SANTACO bazosebenzisana ukunakekela umphakathi waKwaZulu-Natal, kodwa inhlangano ngayinye izozimela ebese kuthi lapho kuba nokushayisana kwemibono, kuzobe sekubanjwa izithangami njalo ngenyanga.
- Izinhlangano zombili zivumelene ngokuqinisa iPublic Regulatory Entity esifundeni sedolobha iTheku ukuze kusheshiswe indaba yezimvume njengoba kunososeshini abangu-112 abaphakelwa yileli hhovisi.
- Kuphindwe kwabekwa eqhulwini eyokulungiswa kobuxhakaxhaka ukuze kusetshenziswe ukwenza izimvume zokusebenza.
- Kuzobe ne-E-Hailing Summit ngenyanga ezayo ezobandakanya umnyango wezokuthutha kuzwelonke, umnyango wezokuthutha KwaZulu-Natal, omasipala, KZN SANTACO kanye nezinhlaka ezithintekayo kwa-e-hailing.
- Kuzophinde kube nomcimbi okuzokwethulwa kuwo ubuholi obisha obusanda kukhethwa kwe-KZN SANTACO.
