
Ummeli uMonde Nzima (32) waseMthatha ugwetshwe iminyaka emibili ejele noma inhlawulo ka-R40 000 inkantolo yemantshi eScottburgh lapho evume khona icala lokugijima emgwaqeni.
Waboshwa ngo August 2 kuN2 ngabo-8 ekseni ehamba ngo 222km/h endaweni ka-120km/h ngeMercedes-Benz C200.
Kuthiwa wabaleka kodwa amaphoyisa akwaRTI amjaha ambamba.
Akachithanga sikhathi enkantolo wavuka icala uhhafu wesigwebo walengiswa iminyaka emihlanu. Umphathiswa wesokuthutha uSiboniso Duma ukwamukele ukugwetshwa kwakhe.Â
