
Nhlakanipho Mnqayi
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ukhale ngokwanda kwezigameko zokubulawa kwabasebenzi bakumasipala esifundazweni.
Umphathiswa usho kanje kulandela ukubulawa kukaMnuz Khalesakhe Mchunu ongumsebemzi wakuMasipala waseMsinga obulawe endaweni yasoFabeni khona eMsinga ngoMsombuluko.
Lezi zigameko uzichaze njengeziletha isithombe esibi futhi zidinga ukutii abomthetho bangenelele ngokushesha.
“Ngikhathazekile kakhulu ngokukhula kwalezi zigameko eseziyinsakavukela okumele zibhekisiswe. Lokhu kuhlaselwa kwabasebenzi bomphakathi abazinikele ekusebenzeleni imiphakathi azamukeleki futhi zibukela phansi ubuholi basekhaya,” kusho uMfu Buthelezi.
Uphonsele inselelo abezomthetho ukuthi bangenelele ngokushesha.
“Kumele kwenziwe uphenyo olunzulu kulokhu kubulawa ngesihluku, kuqinisekiswe ukuthi abasolwa babhekana nengalo yomthetho. Ngidlulisa namazwi enduduzo emndenini ethintekayo kulezi zenzo zodlame,” usho kanje.
Okunye okuhlalukile wukuthi lesi sigameko akusisona esokuqala ukwenzeka ezinsukwini ezingu-30 ezedlule. Ngo-June 27 nonyaka kwabulawa uNksz Nokulunga Mashabane (32) owatholwa edutshuliwe KwaDukuza, kwathi zingu-3 July nonyaka kwaphinde kwabulawa isikhulu sakuMasipala waseThekwini kwalimala ayehamba nabo ngesikhathi abantu abangaziwa bevulela ngenhlamvu emotweni ababehamba ngayo.
