
Nhlakanipho Mnqayi
Umphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi useveze ukuthi uhulumeni uzosiza ngezindleko zokungcwaba izisusu ezashona kusha imijondolo ku-Kennedy Road, eThekwini muva nje.
Lo mlilo wacekela phansi imijondolo engu-95, imindeni engu-186 yasala dengwane, kwashona owesifazane oneminyaka engu-26 kanye nosana olwalunezinyanga ezingu-18 luzelwe.
“Ukulahleka komphefumulo, ikakhulukazi wosana kuphula inhliziyo futhi kubonisa izimo ezibucayi imiphakathi yethu ehlala emijondolo ebhekene nayo zinsuku zonke. UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uzolula isandla ekwesekeni ngokufihla amalungu emindeni ashonile,” kusho uMfu Buthelezi.
Uphinde wadlulisa amazwi enduduzo emindenini ekhahlamezekile okubalwa kuyo nale esemanzini ngokulahlekelwa othandiweyo bayo, waphinde waveza ukuthi bazoqhubeka nohlelo lokufaka ama-alamu asiza ukugwema imililo nokuqwashisa abezimo eziphuthumayo.
“Noma ama-alamu engayicishi imililo, kodwa awusizo olukhulu ekusindiseni izimpilo. Ayaqwashisa ngokushesha, anikeze abahlali isikhathi sokuthi beye endaweni ephephile. Lolu hlelo luthela izithelo ezinhle ngokuqwashisa umphakathi nokusheshe kuthumele umlayezo kwabezimo eziphuthumayo ngokushesha,” usho kanje.
Uthe lolu hlelo lungenye yezingxenye zikahulumeni wesifundazwe ekuzinikeleni ekwakheni ukuzinza komphakathi nokusheshe baphendule kwizinhlekele, futhi basebenzisane nayo imiphakathi baphinde bagweme izehlakalo ezikanje ukuthi ziphinde zenzeke.
