
Uzogugela ejele uyise owanukubeza ingane yakhe (8) ngokocansi eTownland, maphakathi neGreytown, KwaZulu-Natal ngo-March nonyaka.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa, kuthiwa lomlisa oneminyaka engu-29 wafika endlini lapho okwakuhlala khona isisulu no-anti waso edle amponjwana, wafuna ngodli ukuthi ingane ilale egumbini lakhe.
“Ngakusasa ekuseni, u-anti waqaphela ukuthi ingane yayingasakwazi ukuhamba kahle. Ngesikhathi eyibuza, ingane yadalula ukuthi uyise wayo uyinukubezile,” kusho isitatimende.
Sithe kwabe sekuvulwa icala lokubukubeza ngokushesha elaliphethwe ngu-Sergeant Richard Gilden waseGreytown ophenya amacala ahlobene nodlame lomndeni, ukuvikelwa kwezingane nokunukubeza.
“Umsolwa wabe eseboshwa, kwaqaliswa nophenyo olunzulu. Bonke ubufakazi bahlanganiswa ngobuchule, kwadalulwa phambi kwenkantolo. Ngo-13 June nonyaka, umsolwa walivuma icala wabe esegwetshwa udilikajele,” sisho kanje.
Ukhomishana wesifunda saseMzinyathi, uMajor General, Francis Slambert, uthe amaphoyisa ngaphansi kwalesi sifunda azibophezele ekuvikeleni labo ababuthaka emiphakathini futhi baqinisekise ukuthi labo abenza lezi zihlava zobugebengu babhekana nengalo yomthetho futhi lokhu kugetshwa kutshengisa ukumelana nokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane.
