
Nhlakanipho Mnqayi
Abawuvali umlomo osomabhizinisi abasebancane ngenxa yolwazi nezimfundiso abazithole ngesikhathi bethamele umcimbi we-Walk Your Journey Series eMhlanga, eThekwini izolo.
Lomcimbi ubuhlelwe yinkampani yamateku iBathu kanye nomsunguli wayo uMnuz Theo Baloyi. Abanye ababe yingxenye yawo kubalwa oDJ Zinhle ongumsunguli we-Era and Her Majesty noThatiso Dube ongumsunguli wenkampanani iGalxBoy.
UMnuz Sbusiso Msibi onebhizinisi i-The Soul Searcher, okuyibhizinisi lapho bekubhekela amateku owathandayo ngenani elingangephakethe lakho bephinde bekulethele wona, uthe kuningi akufundile okuthinta ezomthetho okuhlangene nebhizinisi.
“Sifunde nezindlela eziningi zokuthi ibhizinisi lakho ulibhalisa kanjani. Okunye ukuthi ulibuka kanjani ngokuhamba kwesikhathi ukuze uthole ukuthi lisaphusha kahle yini,” kusho uMsibi.
U-Asanda Mabaso ongumsunguli wengqephu yokugqoka ebizwa nge-Stayela, uthe ubonga ithuba lokuba yingxenye yalomcimbi.
“Ngifunde okuningi kulomcimbi, ngahlangana nabasunguli bamabhizinisi amakhulu agcwele umhlaba wonke. Ngithanda nokubonga uDJ Zinhle ngaleli thuba eliyingqayizivele njengoba ethe uzothenga izikibha zami, azigqoke mahhala ukuze umsebenzi wami usabalale,” usho kanje.
UMsunguli weBathu, uMnuz Theo Baloyi, uthe intsha inamandla okuyisa lelizwe phambili.
“Ngalolu hlelo lwe-Walk Your Journey Series, sihlose ukukhuthaza intsha yasemzansi ukuthi kumele iqale amabhizinisi ayo. Noma zikhona izingqinamba, kodwa bafunde ukuthi bengabhekana kanjani nazo nanokuthi sibaseka kanjani kulolu hambo,” kusho uBaloyi.
Uthe uyazi ukuthi kunzima kodwa kulele entsheni yaseNingizimu Africa ukuthi ihlangane yakhe isizwe esingcono.
“Bekubalulekile ukuthi lomcimbi siwenze ngenyanga yabantu abasha ngoba ingxenye eningi yabantu baseNingizimu Africa yakhiwe abantu abasha. Njengenkampani yabantu, size la eThekwini ukuzobagqugquzela ukuthi beqale amabhizinisi, bekhule futhi akukhethekile ukuthi bakephi nendawo kodwa konke kuyenzeka,” usho kanje.
Khonamanjalo: uDJ Zihle uthe njengoba sekunesikhathi ekulomkhakha wezamabhizinisi, bafuna ukufundisa abantu abasha ukuthi ibhizinisi liphathwa kanjani njengoba ziningi izingqinamba asebebhekene nazo futhi njengoba nemisebenzi ingekho, ithemba selilele kuwo amabhizinisi. uMsunguli weGalxBoy, uThatiso Dube yena uthe abantu abasha abangapholisi maseko abaqale manje futhi beqale ngalokhu abanakho ngoba kwesinye isikhathi akudingeki ngisho imali, kudingeka isikhathi kuphela ukuze wakhe ibhizinisi lakho nokuzimisela.
