
Nhlakanipho Mnqayi
Ziyime emthumeni efemini yaKwaDukuza, eStanger namhlanje ngesikhathi UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli egasela ngenhloso yokuliswana nokungaqashwa kanye nabokufika abakuleli ngokungemthetho.
Ngaphansi kohlelo i-Operation Engangeni Ngesango Iyafohla, kube sekuboshwa abokufika abangu-300 abaqashwe kulefemu abasolakala ukuthi bakuleli ngokungemthetho.
Laba basebenzi abakuleli ngokungemthetho kulindeleke ukuthi bephindiselwe emazweni abo. Kulindeleke nokuthi umphathi wayo ifemu abhekane nengalo yomthetho ngokuphula imithetho yokuqasha kuleli, enqabela ukuqashwa kwabokufika kuleli abangenazo izimvume.

Ekhuluma nabezindaba, undunankulu usigxekile lesi senzo, wathi ukuqashwa kwabokufika abakuleli ngokungemthetho kwandisa isibalo saseNingizimu Africa sabantu abangaqashiwe.
“Abaqashi abaxhaphaza abasebenzi abangenazo izimvume abaphuli kuphela umthetho kodwa bancisha abahlali abayiminsinsi yokuzimilela amathuba emisebenzi namathuba ngokubeka phambili imisebenzi eshibhile,” kusho uNtuli.
Uthe basazoqhubeka nolunye uphenyo kwamanye amabhizinisi okusolakala ukuthi aphula imithetho enjengale.
Khonamanjalo: Ukuvundululwa kwalokhu kungenye yezingxenye kahulumeni wesifundazwe ukuqinisa imithetho yezabasebenzi baphinde bavikele amathuba okuqashwa kwabantu baseNingizimu Africa.
