UNdunankulu waseKZN uMnuz Thami Ntuli ukhala ngokusabalala kwezigameko zokubulawa kwabesifazane esifundazweni. UNtuli ubekhuluma emngcwabeni kaNksz Bongeka Makhathini nendodana yakhe eneminyaka engu-3 eMfume eMgababa namuhla ngoMgqibelo. Laba bobabili babulawa yisoka likaNks Makhathini nalo elagcina lizibulele. Uthe wonke umuntu emindenini nasemiphakathithi kumele alwe nalolu twayi oluhlasele.




