
Nhlakanipho Mnqayi
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka ubabaze ukwesekwa okutshengiswa Amakhosi endawo ngesikhathi evakashele isikole samabanga aphezulu iBizimali, eNkandla izolo.
UMphathiswa usho kanje ngesikhathi ehambele lesi sikole kulandela imibiko yokudlwengulwa kwabafundi abayisithupha muva-nje.
Edlulisa inkulumo yakhe uthe abaholi bomdabu kulendawo yaseNhloshane batshengisile ukuthi ngempela imfundo yinto yomphakathi.
“Ukungenelela kwenu ekuphatheni isikole kuyancomeka. Nitshengise ubuholi nokulawula ngesikhathi ebenidingwa ngaso ngakho-ke sinishayela indesheni. Ubuholi bomdabu bakwa-Ngono ngokukhethekile, uSihlalo wesobukhosi Amabhele, uMnuz Ntuli, Inkosi uDlomo yakwaMakhabela nenkosi uXulu, Gxabhashe, siyazithoba ngaphansi kobuholi benu futhi sinethemba lokuthi izikole ziphephile endaweni yenu,” kusho uHlomuka.
Uthe ukushayela izandla ukuboshwa komsolwa.
“Ngizobe ngikhona enkantolo ngesikhathi ezobe evela ngizokweseka abafundi futhi ngifuna kwenzeke ubulungiswa anqatshelwe ibheyili,” usho kanje.
Umnyango wezeMfundo uqinisekise abantu ukuthi ukufunda nokufundisa kuyaqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka eBizimali njengoba ukuthula nozinzo sekubuyele esimeni.
