
Nhlakanipho Mnqayi
Abasolwa ababili abebefunwa ngamacala okubamba izimoto zemali kuhlonyiwe sebedutshulwe amaphoyisa eWasbank ngase-Ladysmith izolo.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe amaphoyisa sithe abelandela umkhondo walezi zinswelaboya ebezifunwa ngamacala abalelwa kwawayisithupha okubamba izimoto zemali enzeka KwaDukuza, eVerulam, eNyoni, eGreytown, ePhoenix nase-Langslaagte phakathi kuka-June 2022 no-March nonyaka.
“Amaphoyisa athole indlu lapho abasolwa abebecashe khona. Ngesikhathi efika ezichaza, abasolwa bavele bavulela ngezulu lezandla bebhekise emaphoyiseni, amaphoyisa aphindisela. Abasolwa ababili badutshulwe balimala kanzima ngesikhathi kudutshulwana,” kusho isitatimende.
Sithe omunye wabasolwa oneminyaka engu-43 ubefunwa ngamaphoyisa emva kokutholwa ephethe iziqhumane nezinhlamvu.
Abasolwa batholwe nezibhamu ezimbili. Awekho amaphoyisa alimalile ngesikhathi kudutshulwana.
