Kubulawe owesilisa ngesibhamu sakhe kubangwa indawo yokupaka ekhoneni lomgwaqo uMoss no-Ireland, eVerulam namuhla ngoMgqibelo ntambama. Abakwa-Reaction Unit South Africa bathi babizelwe kule ndawo bafica umlisa ona-25 obeseshonile edubuleke esifubeni kabili nasehlombe kanye. Abasebenza nale ndoda bathe bebedilive u-ice cream ngesikhathi kuba nengxabano nabebehamba ngeveni Isuzu endaweni yokupaka. Umufi ushayiwe waphucwa isibhamu sakhe wadutshulwa ngisho esebaleka. Umsolwa ubalekile kodwa wabuye wabuya wazinikela emaphoyiseni wabuyisa nesibhamu sikamufi.



