
Nhlakanipho Mnqayi
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane uthe uyasiqonda isimo sasesibhedlela iNorthdale eMgungundlovu njengoba abasebenzi bakhona bephekela iziguli besebenzisa umlilo.
UNgqongqoshe usho kanje njengoba sekuphele izinsuku lesi sibhedlela singenawo ugesi nama-generators engasebenzi. Izidumbu bese ziqala ukonakala emortuary nophahla lwesibhedlela luyavuza.
Esitatimendeni esikhishwe ungqongqoshe uthe lolu daba baluthathele phezulu, waphinde wayalela abaphathi ukuthi baphenye.
“Sithole ukuthi isibhedlela sihlushwa ukuphela kukagesi endaweni. Ngesikhathi wonke ama-generator amathathu esebenza njengokujwayelekile, eyodwa ivele yangasebenza, yaphazamisa ugesi ezinye ezingxenyeni zesibhedlela kubalwa nasekhishini,” kusho uNksz Simelane.
Uthe bayawuncoma umsebenzi owenziwe umhlinzeki, olungise igenerator ngamahora nje ambalwa.
“Isinqumo sokupheka ngezinkuni ngaphandle asamukelekile futhi asihambisani nemithetho yethu yemigomo yokudla okuphephile. Umnyango uzamukele izimo ezinjengalezi okubalwa kuzo ukucela usizo kuzibhedlela eziseduze, okuyinto ebekumele ilandelwe.”
“Mayelana nalenkinga kagesi, sengiyalele umnyango ukuthi uthathele izinyathelo ezinqala kulabo abathintekayo. Mayelana nenkinga yengqalasizinda eNorthdale, usonkontileka ozolungisa uphahla kanye nezinye izindawo kuyaqhubeka njengoba kulindeleke ukuthi aqale ngesonto elizayo,” usho kanje.
Uphinde wathi alikho iqiniso eliyamanisa ukushona kweziguli nokuphela kukagesi futhi angaqinisekisa ukuthi i-mortuary iyaqhubeka ngendlela ejwayelekile kulesi simo.
“Ngifuna ukuqinisekisa umphakathi ukuthi isibhedlela sase-Northdale siyaqhubeka nokusebenza futhi siyaxoxisana nazo zonke izinhlaka ukulungisa isimo,” ubeke kanje.
Uphethe ngelokuthi umnyango uzinikele ekuhlinzekeni ezempilo eziyikhwalithi futhi ucela ikubekezelelwa njengoba usabhekene nalesi simo. Uthe ubonga iziguli kanye nabasebenzi ngokubekezela nokusebenzisana kulesi simo esinzima.
