
Nhlakanipho Mnqayi
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi idukisa izwe imibiko yabezindaba ethi othisha ngeke baholelwe.
UMnyango uthe uyaqinisekisa ukuthi othisha bazoqhubeka babe abantu ababalulekile kwezemfundo futhi badlala indima enkulu okungezinye zezizathu zokuthi uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uqhubeke nokwenza kahle noma ngabe isabelo mali sawo sincishisiwe.
Esitatimendeni esikhishwe umnyango sithe bayayichitha imibiko ehlose ukuphazamisa inhlalakahle yothisha ngokubamba imiholo yabo.
“Lokhu akukaze kwenzeke ngaphambilini futhi angeke kwenzeke manje. Izimali zokuholela othisha zizoqhubeka zihlinzekwe kulesi sabelo mali, okwenza ukuthi kuqinisekiswe amaholo,” kusho isitatimende.
UMphathiswa wezemfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka uhlangane nezinhlaka zomnyango okubalwa kuzo izinyunyana zothisa nalapho abaqhamuke nezisombululo zokusimamisa ezemfundo esifundazweni.
“Sithembele kubantu baKwaZulu-Natal njengoba sifuna ukuthuthukisa intsha esifundazweni ngemfundo eseqopheleni eliphezulu,” kusho uHlomuka.
Umnyango uphinde wayalela wonke amaziko ezindaba abike ngalolu daba ngaphambilini ukuthi axolise emnyangweni noma alungise lokhu abekubhalile.
NgoLwesibili zingu-29 April nonyaka, kulindeleke ukuthi umphathiswa ecacise ngesabelo mali njengoba ezobe ethula inkulumo yokuvotelwa kwesabelo mali (department’s budget vote speech) okuyilapho ezocacisa kabanzi ukuthi isabelo mali somnyango sizozixhasa kanjani izinhlelo zomnyango.
