
Nhlakanipho Mnqayi
Kube enkulu inhlokomo nenjabulo emphakathini waseBallito, KwaZulu-Natal ngesikhathi kwethulwa irenki yamatekisi esivuselelwe kabusha.
IMeya yaKwaDukuza uMnuz Muzi Ngidi, uthe lokhu kuyinqubekela phambili yokuthuthukisa ingqalasizinda yezokuthutha zomphakathi esifundazweni.
Ukwethulwa kwale renki bekuhanjelwe abaholi bomphakathi, iSiza Water, iLembe Chamber of Commerce, Dolphin Coast Taxi Association kanye nabahlali bakulendawo abamukele le-renki ngolukhulu ugqozi.
Uphinde wagcizelela ukubaluleka kokuba nezokuthutha ezitholakala kalula futhi ezithembekile ekuthuthukiseni imiphakathi.
“Le renki akusisona nje isakhiwo, iveza ukuzinikela kwethu ekwakheni idolobha elingcono kubona bonke abahlali bethu,” kusho uNgidi.
Uthe lesi sakhiwo sibalulekile ekukhuphuleni umnotho wezasekhaya nokuthuthukisa ezokuthutha, ukukhanda amathuba emisebenzi nokusondeza uxhaso endaweni.
“Le projekthi iveza ngokusobala ukuzinikela komasipala. Le renki iphephile futhi isebenziseka kalula uma uwumshayeli noma umgibeli,” usho kanje.
Uphethe ngelokuthi yakhelwe ukuseka ezomnotho iphinde ihlanganise indawo yaseBallito nezindawo esondelene nazo.
