
Amaphoyisa aKwaZulupNatal abophe abasolwa ababili abaneminyaka engu-18 no-19 ngecala lokubulala nokuduna imoto elenzeka eCrossmoor, eChatswortth ngoDecember 12.
A basolwa babopshwe eMarrianhill ngoLwesine. Kuthiwa umufi wayehleli evenini lakhe abasebenzi belayisha ngemuva.
Bavinjezelwa abasolwa ababili ababephethe izibhamu babafuna amafoni.
“Isisulu esasihleli emotweni sazama ukubaleka ngezinyawo kodwa sathola inxeba lokudutshulwa ekhanda. Abasolwa babaleka endaweni yesigameko ngemoto kamufi,” kusho umkhulumeli wamaphoyisa eKZN uLt Colonel Paul Magwaza.
Uthe abaphenyi basebenze ngokuzikhandla bethungatha abasolwa. Nabezobunhloli bakwazile ukuthola ukuthi abasolwa bangakuphi.
Ngesikhathi abasolwa beboshwa batholwe nemoto. Ngaphakathi bekunezingubo ezzifana nezazigqokwe omunye wabo ngesikhathi benza icala. Bazovela enkantolo yemantshi eChatsworth kusasa.
