
Nhlakanipho Mnqayi
Ligcine limgojelile owayengumsebenzi wakuMasipala waseMsunduzi ngesikhathi iNkantolo yaseThekwini iSpecialised Commercial Crime Court imthola enamacala enkohlakalo.
UNhlakanipho Dlamini (46) ugwetshwe iminyaka engu-10 ebhadla ejele ngamacala amabili enkohlakalo.
Ngokwesitatimende esikhishwe ngamaphoyisa sithe, uDlamini wayeqashwe njenge supervisor ebhekelele izithuthi kuMasipala waseMsunduzi.
“Ngesikhathi enza umsebenzi wakhe wafuna ngodli imali engu-R100 000 kumhlinzeki womsebenzi ukuze akwazi ukukhokha imali engu-R1.5 million eyayikweletwa umasipala kodwa yena wagcina efake isamba sika-R1 million wase eqhubeka nokufuna imali ukuze akhokhe le esele,” kusho isitatimende.
Sithe kwabe sekubikwa icala lenkohlakalo ophikweni loKlebe lwaseThekwini oluphenya ngamacala enkohlakalo.
“Uphenyo olunzulu lenziwa ngobuchule, kwathi ngo-17 January 2020, uDlamini wabanjwa oqotsheni ngesikhathi eyolanda imali kulo owayemqola wabe eseboshwa wabekwa icala lenkohlakalo.”
“Wavela enkantolo wadedelwa ngebheyili. Zingu-27 August nyakenye, uDlamini watholwa enamacala amabili enkohlakalo njengoba egwetshiwe izolo. Ugwetshwe iminyaka engu-8 ngecala lokuqala lenkohlakalo neminye iminyaka engu-8 ngecala lesibili. Iminyaka engu-6 yecala lokuqala nelesibili uzoyidonsa ngesikhathi esisodwa, okusho ukuthi uzobhadla ejele iminyaka engu-10,” sisho kanje.
OyiNhloko yaKwaZulu-Natal i-Priority Crime Investigation, uMajor General Lesetja Senona ukwamukele ukugwetshwa komsolwa, wancoma ithimba labaphenyi kanye nethimba labashushisi ngomsebenzi omuhle.
