
Nhlakanipho Mnqayi
Kuse ngokunye iNkantolo ePhakeme yaseThekwini igweba abasolwa abahlanu abadubula babulala abangu-8 ehostela laseMlazi iGlebelands ngo-June 2023.
UBongile Mabele (35), Bongani Mboyiyane (39), Sbusiso Manyisa (41), Siyamthemba Mthwana (41) noNkosayithethi Mjeza (41) bagwetshwe odilikajele abangu-8 umuntu ngamunye. Iminyaka engu-10 yokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nemihlanu yokutholakala nezinhlamvu ngokungemthetho.
Kubikwa ukuthi laba abahlanu badubula babulala abantu abayisishiyagalombili okubalwa kubo oMnuz Phakamani Lukhozi, Thamsanqa Shongwe, Mpilo Khumalo, Bongani Mkane, Lungani Sikhobi, Yandisa Msungubali, Nkululeko Lukhozi noMxolisi Mthethwa okungabanye babangu-12 ababehleli endlini ngesikhathi behlaselwa yilaba basolwa.
Abayisikhombisa bashonela endaweni yesigameko, owesi-8 washonela esibhedlela. Abane baphuma bengenamiyocu.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yiNational Prosecuting Authority (NPA) sithe abasolwa nezisulu bebehlala khona ehostela.
“Abasolwa babengabangani, kanye nabo bonke abashona bebazana. UMabele (ongomunye wabagwetshiwe) ubengusihlalo we-block yamanye amagumbi asehostela, nguye obengungqoshishiliza obebhekelela ukuthi kwenzakalani futhi kunguye onikezana ngezindawo zokuhlala kuwo lawo mablock. Kwesinye isikhathi omunye agwetshwe naye ubebuye amsize ukwenza lomsebenzi.”
“UMnuz Phakamani Lukhozi (ongomunye wezisulu esashona), naye wayebhekelele inhlalakahle yansuku zonke kanye nokunikezela kwezindawo zokuhlala kwenye yama-blocks khona ehostela. Lawo ma-blocks ayengabhekiwe uMabele. UMabele noPhakamani babengaboni ngasolinye ngoba uPhakamani wayegweva ukudedela ukubhekelela enye yezindawo, eyayizokwenza uMabele abe ngungqoshishiliza kukhale esakhe isicathulo okwamenza ambulale uPhakamani,” kusho isitatimende.
Sithe uMabele kanye nalabo agwetshwe nabo babe sebehlela itulo lokudubula babulale uPhakamani nabangani bakhe.
“Ezintatha zingu-3 June 2023, uPhakamani nabanye babezixoxela kwenye yamagumbi ehostela ngesikhathi abasolwa ababehlombe beyizingovolo bengena kulelo gumbi. Abanye babegade esangweni, abanye beqaphe ngaphandle kwegumbi ngesikhathi abanye bengena ngaphakathi baqala badubula ababehleli. Izisulu ezingu-8 zashonela endaweni yesigameko,” sisho kanje.
Okuhlalukile enkantolo ngesikhathi ijaji u-Advocate Rakesh Singh ehola ubufakazi buka-Section 204 okwethulwa ufakazi, kuvele nokuthi uMbuso uphinde waletha izitatimende ezifungelwe zezisulu, iVictim Impact Statement ezabhalwa amadoda amabili ayekhona ngesikhathi kwenzeka lesi sehlo.
Esitatimendeni lezi zisulu zithe zisakhungathekile ngokubona imizimba eminingi kanjeyana yabantu abashonile izizungezile. Omunye uthe weza eThekwini ezozama impilo engcono kodwa usehambile kulesi sifundazwe. Omunye wathi lesi sigameko samlethela ubuhlungu.
Okhulumela iNPA KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe bayakwamukela ukusongwa kwalolu daba.
“Abasolwa benza lesi senzo ngesihluku, bengenamdaba ngezimpilo zabanye. Siyathemba ukuthi ukugwetshwa kwabo kuzoba nomthelela kwabanye abanemiqondo efana neyabo,” usho kanje.
