
Nhlakanipho Mnqayi
Kusabalale i-video yamaphoyisa eshaya umfundi ngesikhathi abafundi bebhikisha ngaphandle kwesikole eJozini izolo.
Kuthiwa lamaphoyisa abeshaya lomfundi ngesikhathi eyomfaka evenini yamaphoyisa kulandela ukuthi beshaye imoto yamaphoyisa ngamatshe baphinde bahlasela namaphoyisa ngesikhathi bebhikisha.
“Ukuziphatha okunje akwamukelekile futhi sizoqinisekisa ukuthi i-video esisabalale ezinkundleni zokuxhumana iyiyo yini. Uma amaphoyisa etholwe esebenzisa ukuziphatha okubi nesandla sensimbi, azothathelwa izinyathelo ezinqala,” kusho isitatimende samaphoyisa.
Njengoba amaphoyisa etholane phezulu nabafundi-nje, yingoba laba bafundi basezikoleni ezimbili zamabanga aphezulu babe nombhikisho esikoleni okungavumelekile kuso ukubhikisha, batshengisa udlame esangweni lesikole. Nangesikhathi bebhikisha, balimaze imoto yamaphoyisa ngamatshe base bahlasela namaphoyisa.
Amaphoyisa aveze ukuthi kulokhu kuhilizisana kuboshwe abafundi abane ababalelwa eminyakeni engu-18 no-20, kodwa badedelwa ngaphansi kwesandla sabazali babo.
“Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeMantshi i-Ubombo bephelezelwa abazali namhlanje,” sisho kanje.
Amaphoyisa aphinde akhumbuza wonke umuntu ofusa ukubhikisha ukuthi izenzo zabo kumele zingawuphuli umthetho ngoba amaphoyisa azobhekana nabo ukuvikela izimpilo, inhlalakahle nengqalasizinda.
