
Nhlakanipho Mnqayi
Isimo sezulu ebesihambisana nomoya onamandla nokwenze kwaba nokuphazamiseka kukagesi ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal, uyalungiswa.
Lokhu kuvezwe uMasipala weTheku njengoba izolo bekunomoya onamandla olimaze ingqalasizinda waphinde waphazamisa ugesi ezingxenyeni eziningi.
Esitatimendeni esikhishwe umasipala sithe sebejube ithimba elibhekelele ukulungiswa kukagesi ezindaweni ezahlukene ukubhekana nalesi simo.
“Amathimba ethu abesebenza ubusuku bonke ukuqinisekisa ukuthi ukubuyiswa kukagesi kuyenzeka. Njengoba umsebenzi usaqhubeka, nezindawj ezikhahlamezekile ziningi, kuchaza ukuthi izikhathi zokuwulungisa zizothatha isikhathi eside kunesejwayelekile,” kusho isitatimende.
Umasipala uthe ucela umphakathi ukuthi ubekezele.
“Njengoba amathimba ethu eqhubeka nokusebenza, kuhlaluke ukuthi ingqalasizinda elimele kubalwa kuzo izigxobo zikagesi eziwile, izihlala eziwele ezintanjweni zikagesi, ukuphephuka kophahla lwezindlu nezinye izinto ezibambeke ezintanjweni zikagesi ezingaba nomthelela ekucisheni kukagesi.”
“Amathimba edolobha abeka phambili ukuphela njengoba besebenza ukubuyisa ugesi. Siyayiqonda inkinga edalwe ukucisha kukagesi futhi siyabaqinisekisa abahlali ukuthi zonke izinsiza esinazo zijutshiwe ukuze kusheshiswe ukulungisa,” sisho kanje.
Kuphindwe kwanxuswa abantu ukuthi babike ukucisha kukagesi besebenzise izinhlaka zikamasipala zokubika ngokucisha kukagesi, besebenzisa ne-Mobile App noma besebenzise uWhatApp Chatbot ku:076 791 2449.
