
Phili Mjoli
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Aaron Motsoaledi, uthe abantu baseNingizimu Afrika abangethuki, okwamanje akekho owakuleli osahaqwe igciwane lakamuva leCovid-19, iNimbus, eyaziwa ngeNB.1.8.1.
Leli gciwane eliqale e-Asia ngo-Januwari selisabalele emazweni angu-22, okubalwa kuwo i-India, i-Europe ne-US.
UMotsoaledi, ubekhuluma emhlanganweni weG20 obuseJohannesburg, izolo.
“Izinhlaka zakuleli eziqaphe izifo zisiqaphe ngeso lokhozi lesi sifo, iNational Institute of Communicable Diseases (NICD), inezihlelo zokuqapha izifo ezithathelanayo ezithinta umgudu wokuphefumula okuyiCovid-19, imikhuhlane ne-Influenza nezinye,” kusho uMotsoaledi.
Uthe okwamanje akukho okwengeziwe okwenziwa umnyango ngaphandle kokuliqapha leli gciwane.
Uqhube wathi ngemuva kokubheduka kobhubhane lweCovi-19 okokuqala, amazwe angu-124 asayina isivumelwano sokusebenzisana uma kunezifo ezihaqa abantu abaningi, iNingizimu Afrika eyingxenye yazo.
Ngakho uma kwenzeka ukusabalala kwaleli gciwane kufinyelela esigabeni esiyingozi, amazwe azokwenza izinhlelo ezifanele.
Usihlalo wenhlangano yodokotela, South African Medical Association (SAMA), uDkt Mvuyisi Mzukwa,uthe kusasekuseni ukuthi sekungaba nezinhlelo ezengeziwe zokubhekana naleli gciwane kuleli kodwa lisaqashwe ezingeni lo mhlaba.
Uqhube wathi abanye abantu sebefisa kubuye ukugqokwa kwezifonyo.
“ Izifonyo akuzona ezeCovid-19 kuphela, zivikela nokusabalala komkhuhlane. Kulesi sikhathi sokusabalala komkhuhlane kubalekile ukuthi abantu bazisebenzise,” kusho uMzukwa.
INCD ithe okwamanje kusabonakala liphezulu izinga lokusabalala komkhuhlane okuyinto eyenzekayo ngesikhathi sawo umkhuhlane.
