
Nhlakanipho Mnqayi
Omunye wabazali useveze ukuthi ukhathazekile mayelana nodlame oseluyinsakavukela esikoleni samabanga aphezulu iLakehaven Secondary School ngaphansi kwesifunda saseMlazi.
Esigamekweni sakamuva okubikwa ukuthi senzeke ngoLwesine, kusabalale i-video lapho abafundi bamantombazane kulesi sikole behlanganyela omunye umfundi bemushaya futhi bemugxoba.
Elandisa Ezangempela For Real, uthe lesi sigameko senzeka phambi kuka thishomkhulu.
“Wavele wabaleka ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Uvikela izingane zamakhaladi njengoba uma izingane zebala elimnyama zimubikela ngalo lolu daba, azizibe,” kusho lomzali ongathandanga ukudalulwa ngenxa yokusabela impilo yakhe.
Uthe uphethe ngesandla sensimbi futhi noMnyango wezeMfundo awumenzi lutho.
“Izidakamizwa, ukungabibikho kwenhlonipho nodlame kudlangile esikoleni futhi ushintsha nemigomo yesikole,” usho kanje.
UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka usigxekile lesi senzo sodlame.
“Udlame olubonakale kwi-video, umnyango awuhambisani nalo ngoba lutshengisa abafundi ababonakala belwa begqoke imifaniswano yesikole. Le-video ihambisana nokucwasa ngobuhlanga okungenandawo esikoleni nasemphakathini,” kusho uHlomuka.
Uthe umnyango usuqalise uphenyo ngalolu daba.
“Izikole ziyindawo ephephile, lapho ukufunda nokufundisa kumele kubekwe phambili. Ukubeka engcupheni ukuphepha kwabafundi, othisha nabasebenzi kuyicala nokuwuphula umthetho futhi sizothatha izinyathelo eziwujuqu ukunqanda lezi zigameko,” usho kanje.
Uthe umnyango udlulisa ukuzisola kanye nokuphuka komoya okudalwe yilesi sigameko kubafundi futhi bafiselwa ukululama okusheshayo.
