
Nhlakanipho Mnqayi
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal usuvule icala kulandela imibiko yokudayiswa kwezikhala zokufundisa esifundazweni.
Lokhu kulandela izinsolo zokuthi kunothisha oqoqa imali ngokungemthetho kwabanye othisha ebese eqamba amanga ngokubathembisa ukuthi bazoqashwa ngokuphelele uma bemukhokhela.
UMnuz Nkosinathi Ngcobo oyiNhloko yoMnyango uvule icala lokukhwabanisa esiteshini samaphoyisa eDurban Central, eThekwini, nathe lolu daba bayalwazi futhi bayalugxeka.
“Ukukhwabanisa nenkohlakalo asizwani nayo. Sizibophezele ukuthi sixoshe bonke abantu abafuna ukuxhaphaza ezemfundo ngokuthi kuzuze bona.”
“Siyasebenzisana namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi uphenyo luyaqhubeka ngaphandle kokubambezeleka,” kusho uNgcobo.
Uthe labo abathintekayo bazowukhomba onotshwala ngezenzo zabo zenkohlakalo zokudayiswa kwemisebenzi yothisha.
