
Nhlakanipho Mnqayi
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi usejube amathimba ezinhlekelele ukuyobhekana nokusha kwemijondolo esemgwaqeni uKennedy Road, eThekwini izolo.
Kubikwa ukuthi imbangela yomlilo kanye nomonakalo odalekile awukakaziwa futhi akukakaqinisekiswa ukuthi bakhona yini abalimele khona endaweni yesigameko.
Abezimo eziphuthumayo okubalwa kubo izicimamlilo namaphoyisa banikele endaweni yesigameko ukuzama ukuhlenga abahlali nokuzama ukubhula umlilo.
UMphathiswa Buthelezi uyalele ithimba lezinhlekelele esifundazweni ukuthi linikezele ngosizo.
“Lokhu kusebenzisana kuzoqinisekisa ukuthi iminyango efanele kahulumeni kanye nezinhlaka esisebenzisana nazo ziyaxoxisana ukuze zinikezele ngezinsiza kubahlali abakhahlamezekile,” kusho uMfu Buthelezi.
Uthe bazobe sebekhipha umbiko ogcwele uma sebebonile umonakalo odalwe umlilo ukuthi ungakanani.
