
Bongane Motaung
UMasipala waseNquthu oholwa yimeya uMnuz uLindokuhle Shabalala baphume umkhankaso wokuhlanza idolobha ngenhloso yokuqinisekisa ukuba izakhamuzi ziyafundiseka futhi ziyeke ukulahla imfucuza ngokungekho semthethweni.
Umasipala ufake imigqomo kadoti engaphezu kweshumi esatshalaliswe idolobha lonkana. Iwadi ngalinye linamanxusa akhethiwe ukuyofundisa izakhamuzi emakhaya ngokuhlanzeka kwemvelo.
Umeya nabo bonke abasebenzi bakamasipala, osomabhizinisi abancane, ama-Ward Committee, kanye noMnyango wezeMvelo eMzinyathi baguduza idolobha lonkana behamba beqoqa imfucuza futhi beqwashisa izakhamuzi ngobungozi bokulahla udoti noma ikanjani.
