
Nhlakanipho Mnqayi
Ubhadanywe ebhace ehostela eMbilo owesilisa oweqa esitokisini ngoMsombuluko eboshelwe amacala okudlwengula abafundi baseBizimali High School eNkandla.
Lomsolwa oneminyaka engu-28 uboshwe ngamaphoyisa aseMariannhill futhi kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yasePinetown namhlanje ngamacala okweqa esitokisini.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa sithe lowesilisa uzobe eselibangisa eKhombe, eNkandla lapho ezobhekana namacala akhe.
“Uzobhekana noxhaxha lwamacala okudlwengula lapho ebedlwengula abafundi abahlala emakotishi esikole eNkandla,” kusho isitatimende.
Kubikwe ukuthi babalelwa kwabayisithupha abafundi abanukubezwe ngokocansi kulesi sikole. UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli wayalela amaphoyisa ukuthi abophe ngokushesha lomsolwa kanye noMphathiwa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka waphinde waqinisekisa ukuthi kuzothunyelwa ithimba lodokotela bengqondo oluzohlinzeka luphinde lweseke abafundi abahlukumezekile kanye nemindeni yabo.
Khonamanjalo: namhlanje uMphathiswa uHlomuka uvakashele khona eBizimali njengoba ezohlangana nabaphathi besikole nomphakathi njengoba ethe kubalulekile ukuthi abafundi besekwe kulesi sikhathi esinzima nokuqinisekisa ukuthi inhlalakahle yabo ayithikamezeki.
